Nkosi Jesu othandekayo,
Ngena enhliziyweni yami.
Ngithethelele isono sami.
Ngigeze ungihlanze.
Ngikhulule.
Jesu, ngiyabonga ngokuthi wangifela.
Ngiyakholwa ukuthi uvukile kwabafileyo.
Nokuthi Uyabuya futhi ngenxa yami.
Ngigcwalise ngoMoya oNgcwele.
Ngiphe uthando ngabalahlekile.
Ukulambela izinto zikaNkulunkulu.
Kanye nesibindi esingcwele sokushumayela iVangeli likaJesu Kristu.
Ngisindisiwe!
Ngizelwe kabusha!
Ngixolelwe!
Futhi ngisendleleni eya eZulwini.
Ngoba nginoJesu enhliziyweni yami.
